21Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKristu, uma kukhona ukududuzeka kothando, uma kukhona inhlangano kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu, 2
15:5
1 Kor. 1:10
Fil. 3:16
1 Pet. 3:8
gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe nomqondo munye, ninothando lunye, nibe nhliziyonye, niqonde into inye; 3
Gal. 5:26
1 Pet. 5:5
ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani, 4
yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye. 5
Joh. 13:16
1 Pet. 2:21
1 Joh. 2:6
Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu 6
17:5
2 Kor. 4:4
Kol. 1:15
2:9
Heb. 1:3
owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu, 7
Math. 20:28
Rom. 15:3,8
2 Kor. 8:9
Gal. 4:4
kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu; 8
Joh. 10:17
Heb. 2:9,14,17
12:2
wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano. 9
Isaya 53:12
Joh. 17:1
IzE. 2:33
Ef. 1:20
Heb. 1:4
Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke, 10
Joh. 5:23
ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba, 11
Rom. 14:9
1 Kor. 8:6
IsAmb. 5:13
nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.
12
1 Pet. 1:17
Ngakho-ke, bathandiweyo bami, njengalokho nilalele ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho, fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela, 13
2 Kor. 3:5
Heb. 13:21
ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe. 14
Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi, 15
Dan. 12:3
Math. 5:14
IzE. 2:40
Ef. 5:8
Fil. 1:10
ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni, 16
1 Thes. 2:19
3:5
nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzibonga ngosuku lukaKristu ngokuthi angigijimelanga ize, angisebenzelanga ize. 17
2 Kor. 7:4
1 Thes. 2:8
2 Thim. 4:6
Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke; 18
ngokunjalo-ke thokozani nani, nithokoze kanye nami.
19Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngename nxa sengazi izindaba zenu. 20
Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho; 21
13:5
Gal. 4:17
ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu. 22Kepha niyakwazi ukuthembeka kwakhe ukuthi ukhonzile kanye nami ngenxa yevangeli njengomntwana kuyise. 23Yena-ke ngiyethemba ukumthuma masinyane, uma sengibonile ukuthi okuqondene nami kophelelaphi; 24
kepha ngiyethemba eNkosini ukuthi nami ngizakuza eduzane.
25
Kodwa ngibone ukuthi kudingekile ukuba ngithume kinina u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi nebutho kanye nami, nesithunywa senu, isikhonzi ekusweleni kwami, 26lokhu wayenilangazelela nonke, eyaluza ngokuba nizwile ukuthi wayegula. 27Ngokuba nempela wayegula ephansi kokufa; kepha uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, wangihawukela nami, ukuze ngingabi nalusizi phezu kosizi. 28Ngalokho ngakhuthalela kakhulu ukumthuma, ukuze kuthi nxa senimbona futhi nithokoze, kimi kunciphe usizi. 29
1 Kor. 16:16
1 Thes. 5:12
Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngokuthokoza konke, abanjalo-ke nibaphathe ngokubatusa, 30ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa ezidela amathambo, ukuze agcwalise okusileleyo ekungikhonzeni kwenu.