IsiZulu 1959/1997 (NO) (ZUL59NO)
34

Ukunqunywa kwemikhawulo yezwe

341UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2“Yala abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni laseKhanani lokhu kuyizwe eliyakuba yifa lenu, izwe laseKhanani ngokwemikhawulo yalo – 3

34:3
Gen. 14:3
Josh. 15:1
uhlangothi lwaseningizimu luyakusuka ehlane laseSini, lugudle elakwa-Edomi, umkhawulo wenu waseningizimu usuke ekugcineni koLwandle Lukasawoti ngasempumalanga, 4umkhawulo wenu ujike ngaseningizimu kokhalo lwe-Akarabimi, uze ufike eSini, uphume eningizimu kwaseKadeshi Barineya, uye eHasari Adari, uze ufike e-Asimoni, 5umkhawulo ujike ngase-Asimoni, uye emfuleni waseGibithe, uphume elwandle.

6“ ‘Umkhawulo wasentshonalanga uyakuba luLwandle Olukhulu, lona lube ngumkhawulo wenu wasentshonalanga.

7“ ‘Lokhu kuyakuba ngumkhawulo wenu wasenyakatho: kusukela eLwandle Olukhulu anoziphawulela intaba yaseHori; 8kusukela entabeni yaseHori anoziphawulela indlela eya eHamati, umkhawulo uphume eSedadi, 9andukuba umkhawulo uye eZifroni, uphume eHasari Enani; lokho kuyakuba ngumkhawulo wenu wasenyakatho.

10“ ‘Anoziphawulela umkhawulo wenu wasempumalanga, usukela eHasari Enani uze ufike eShefamu; 11umkhawulo wehle eShefamu, uye eRibila ngasempumalanga kwase-Ayini, umkhawulo wehle njalo, uze ufinyelele emmangweni wangaselwandle lwaseKinereti ngasempumalanga, 12umkhawulo wehlele eJordani, uphume ngaseLwandle Lukasawoti; lokho kuyakuba yizwe lakini ngokwemikhawulo yalo nxazonke.’ ”

13UMose wayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Lelo liyizwe eniyakulidla ngenkatho, uJehova ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye, 14

34:14
Num. 32:33
ngokuba isizwe sabantwana bakwaRubeni njengezindlu zawoyise nesizwe sabantwana bakwaGadi njengezindlu zawoyise sezilitholile, nenxenye yesizwe sakwaManase isilitholile ifa layo; 15lezi zizwe ezimbili nenxenye zathola ifa lazo ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga.”

Ukukhethwa kwamadoda okwahlukanisa ifa lezwe

16UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 17

34:17
Josh. 14:1
“Lawa angamagama amadoda ayakwahlukanisela izwe libe yifa lenu: u-Eleyazare umpristi noJoshuwa indodana kaNuni. 18Niyakuthabatha isikhulu sibe sinye kuleso naleso sizwe ukwahlukanisa izwe libe yifa lenu.

19“Yilawa-ke amagama amadoda: esizweni sakwaJuda: nguKalebi indodana kaJefune.

20Esizweni sabantwana bakwaSimeyoni: nguShemuweli indodana ka-Amihudi.

21Esizweni sakwaBenjamini: ngu-Elidadi indodana kaKisiloni.

22Esizweni sabantwana bakwaDani: yisikhulu uBuki indodana kaJogili.

23Kubantwana bakwaJosefa: esizweni sabantwana bakwaManase: yisikhulu uHaniyeli indodana ka-Efodi.

24Esizweni sabantwana bakwa-Efrayimi: yisikhulu uKemuweli indodana kaShifethani.

25Esizweni sabantwana bakwaZebuloni: yisikhulu u-Elisafani indodana kaParinaki.

26Esizweni sabantwana bakwa-Isakare: yisikhulu uPalitiyeli indodana ka-Azani.

27Esizweni sabantwana bakwa Asheri: yisikhulu u-Ahihudi indodana kaShelomi.

28Esizweni sabantwana bakwaNafetali: yisikhulu uPedaheli indodana ka-Amihudi.”

29Yilabo uJehova abayala ukwahlukanisela abantwana bakwa-Israyeli ifa ezweni laseKhanani.