31Ngaleyo mihla kwavela uJohane uMbhapathizi eshumayela ehlane laseJudiya, ethi: 2“Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!” 3
Joh. 1:23
Ngokuba nguye akhuluma ngaye umprofethi u-Isaya, ethi:
“Izwi lomemezayo ehlane, lithi:
‘Lungisani indlela yeNkosi,
nenze imikhondo yayo iqonde.’ ”
4
Math. 11:8,18
Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela noqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizinkumbi nezinyosi zasendle. 5Khona kwaphumela kuye iJerusalema, neJudiya lonke, nezwe lonke laseJordani, 6babhapathizwa nguye emfuleni iJordani bevuma izono zabo.
7
23:33
Luk. 3:7
Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na? 8Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka. 9
Ningacabangi ukuba ningasho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe. 10
Luk. 13:7
Joh. 15:2,6
Izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.
11
IzE. 1:5
2:4
11:15
13:25
19:4
“Mina nginibhapathiza ngamanzi, kube ngukuphenduka; kepha yena oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo, 12
Math. 13:30
ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”
13Khona uJesu evela eGalile wafika kuJohane eJordani ukuba azobhapathizwa nguye. 14Kepha uJohane wamalela wathi: “Yimi engiswela ukubhapathizwa nguwe; wena uza kimi na?”
15UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Khona wayesemvumela.
16
UJesu esebhapathiziwe wakhuphuka masinyane emanzini; bheka, izulu lavuleka, wabona uMoya kaNkulunkulu ehla njengejuba, eza phezu kwakhe. 17
Math. 12:18
17:5
2 Pet. 1:17
Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”