IsiZulu 1959/1997 (NO) (ZUL59NO)
25

Inkulumo yesithathu kaBilidadi: akukho okuhlambulukile emehlweni kaNkulunkulu

251Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:

2“Ukubusa nokwesabeka kukuye

owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.

3

25:3
Dan. 7:10
Ukhona yini ongabala izimpi zakhe,

nokukhanya kwakhe akuphumeli bani na?

4

25:4
Jobe 4:17
9:2
15:14
IzA. 20:9
Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu,

nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?

5Bheka, nenyanga ayinankazimulo,

nezinkanyezi azihlambulukile emehlweni akhe.

6

25:6
Jobe 17:14
Pho, kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu,

nendodana yomuntu eyisibungu, na?”