Isiprofetho ngabakwa-Amoni
1Ngabantwana bakwa-Amoni. Usho kanje uJehova, uthi:
“U-Israyeli kanamadodana,
kanandlalifa, na?
UMilkomu udleleni ifa likaGadi,
abantu bakhe bahlale emizini yakhe, na?
2Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,
“lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi
ngeRaba labantwana bakwa-Amoni;
liyakuba yincithakalo,
imizi yalo ishiswe ngomlilo,
u-Israyeli abeselidla ifa lowalidla elakhe,” usho uJehova.
3“Hhewula, Heshiboni,
ngokuba i-Ayi lichithekile,
nikhale, madodakazi aseRaba,
nibhince izindwangu zamasaka,
nilile, nigijime phakathi kwezintango,
ngokuba uMilikomu uyakuya ekuthunjweni,
abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.
4Uzidumiselani ngezigodi,
isigodi sakho esichichimayo,
wena ndodakazi ehlubukayo,
othemba engcebeni yakho ngokuthi:
‘Ngubani ongehlela mina, na?’
5Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho uvalo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti,
“luvela kubo bonke abakuzungezayo,
nixoshwe, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe,
kungabikho obutha ababalekileyo.
6“Kepha ngasemuva ngiyakubuyisa
ukuthunjwa kwabantwana bakwa-Amoni,” usho uJehova.
Isiprofetho ngo-Edomi
7Ngo-Edomi.
Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:
“Akusekho ukuhlakanipha eThemani na?
Amasu aphelile kwabaqondileyo,
ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?
8Balekani, nibuye,
nihlale ezigoxini nina bakhileyo eDedani,
ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe ingozi ka-Esawu
ngesikhathi sokumhambela kwami.
9Uma bekufika kuwe abavuna izithelo zomvini,
abayikushiya umkhothozo;
namasela ebusuku
abeyakuchitha aze aneliswe.
10Kepha mina ngiyakumhlubula u-Esawu,
ngambule izindawo zakhe ezichithekileyo, kanakucasha;
inzalo yakhe ichithekile,
nabafowabo, nabakhelwane bakhe,
yena abe engasekho.
11Shiya izintandane zakho,
mina ngiyakuziphilisa,
abafelokazi bakho bethembe kimi.”
12Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, labo okwakungesibo okwabo ukuphuza indebe bayakuyiphuza nokuyiphuza; ubuyakuba ngongenacala na? Awuyikuba ngongenacala, ngokuba uyakuyiphuza nokuyiphuza. 13Ngokuba ngizifungile,” usho uJehova, “ukuthi iBosira liyakuba yisimangaliso, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso, yonke imizi yalo ibe yizincithakalo eziphakade.”
14Ngizwile imibiko evela kuJehova;
kuthunyiwe isithunywa phakathi kwezizwe ngokuthi:
“Buthanani, nilihlasele,
nisukele ukulwa.”
15“Ngokuba bheka,
ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe,
udelelwe phakathi kwabantu.
16Ukwesabeka kwakho kukudukisile,
ukuziqhenya kwenhliziyo yakho,
wena ohlezi emifantwini yamawa
ubambe isiqongo sentaba;
noma wakha isidleke sakho njengokhozi,
ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.
17“U-Edomi uyakuba yisimangaliso,
kumangale yilowo nalowo odlula kuye,
ancimfe ngenxa yezinhlupheko zakhe.
18Njengasekuchithweni kweSodoma neGomora
nemizi yangakhona,” usho uJehova,
“akuyikuhlala muntu khona,
nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.
19“Bheka,
njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani,
iye endaweni eyinqaba,
ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo;
nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo,
ngokuba ngubani onjengami,
ngubani onginqumelayo,
ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”
20Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehova
asinike ngo-Edomi namacebo
awacebile ngabakhileyo eThemani ukuthi:
Abancinyane bomhlambi bayakudonswa,
basuswe, ikhaya labo limangale ngabo.
21Ngomsindo wokuwa kwabo
umhlaba uyazamazama;
ngukukhala okumsindo wakho
uzwakele ngaseLwandle Olubomvu.
22Bheka,
onjengokhozi uyakhuphuka, andize,
elulele amaphiko akhe kulo iBosira;
izinhliziyo zamaqhawe akwa-Edomi
ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.
Isiprofetho ngeDamaseku
23NgeDamaseku.
“IHamati ne-Aripadi kujabhile,
ngokuba kuzwile imibiko emibi,
kuphela amandla.
Kuyahlupheka njengolwandle,
akunakuthula.
24IDamaseku selibuthakathaka,
liyaphenduka ukuba libaleke;
ingebhe ilibambile,
ukudabuka nosizi kulibambile
njengowesifazane obelethayo.
25Yeka ukushiywa komuzi wodumo,
umuzi wokuthokoza kwami!
26Ngalokho izinsizwa zawo
ziyakuwa ezitaladini zalo,
nawo onke amadoda empi
ayakuthuliswa ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti.
27“Ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseDamaseku,
uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.”
Isiprofetho ngeKedari neHasori
28NgeKedari, nangemibuso yaseHasori ayinqobayo uNebukadinesari, inkosi yaseBabele.
Usho kanje uJehova, uthi:
“Sukani, nikhuphukele eKedari,
nichithe abantwana basempumalanga.
29Amatende abo nemihlambi yabo niyakukuthatha,
bazithuthele izilenge zabo,
nazo zonke izimpahla zabo,
namakamela abo,
bamemeze kubo, bathi:
‘Luvalo nxazonke.’
30“Balekani, nizulazulele kude,
nihlale ezigoxini
nina bakhileyo eHasori,” usho uJehova,
“ngokuba uNebukadinesari,
inkosi yaseBabele
wenze amasu ngani,
waceba amacebo ngani.
31“Sukani,
nikhuphukele kuso isizwe esizinzileyo,
esihlala ngokulondeka,” usho uJehova,
“esingenazicabha nemigoqo,
sakhe sodwa.
32Amakamela aso ayakuba yimpango,
nezinkomo zaso eziningi ziyakuphangwa.
Ngiyakubahlakazela emimoyeni yonke,
bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo,
ngehlisele phezu kwabo
izingozi ezivela nxazonke,” usho uJehova.
33“IHasori liyakuba yindawo yokuhlala kwamakhanka
nencithakalo kuze kube phakade;
akuyikuhlala muntu khona,
nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.”
Isiprofetho nge-Elamu
34Izwi elafika kuJeremiya umprofethi nge-Elamu ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya inkosi yakwaJuda, ngokuthi:
35Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:
“Bheka,
ngiyakwaphula umnsalo we-Elamu,
okokuqala kwamandla abo.
36Ngiyakwehlisela phezu kwe-Elamu
imimoya emine emikhawulweni yomine yezulu,
ngibahlakazele kuyo yonke leyo mimoya,
kungabe kusabakho sizwe
lapho abaxoshiweyo base-Elamu bengayikufika khona.
37Ngiyakwenza ukuba i-Elamu liphele amandla
ngaphambi kwezitha zalo
naphambi kwabafuna ukuphila kwabo,
ngibehlisele okubi,
ukufutheka kwentukuthelo yami,” usho uJehova,
“ngithume inkemba emva kwabo,
ngize ngibaqede.
38Ngiyakubeka isihlalo sami sobukhosi e-Elamu,
ngichithe khona inkosi nezikhulu,” usho uJehova.
39“Kepha kuyakuthi ezinsukwini zokugcina
ngibuyise ukuthunjwa kwe-Elamu,” usho uJehova.