41
1 Pet. 2:11
Zivelaphi izimpi, nokulwa kuvelaphi phakathi kwenu na? Akuveli yini lapho ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na? 2
Niyafisa, nokho aninalutho; niyabulala ninomhawu, nokho anizuzi lutho; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli; 3
35:12
IzA. 1:28
Isaya 1:15
Joh. 15:7
1 Joh. 5:14
niyacela, nokho anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu.
4
Math. 6:24
Joh. 15:19
17:14
2 Kor. 11:2
1 Joh. 2:15
Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu. 5
Niyacabanga yini ukuthi umbhalo usho ngeze ukuthi: “Umoya awuhlalisa kithi unxanela ngokomhawu,” na? 6
IzA. 3:34
29:23
1 Pet. 5:5
Kodwa unika umusa ngokwenezela; ngakho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.”
7
6:11
1 Pet. 5:8
1 Joh. 5:18
Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela; 8
Zak. 1:3
sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili. 9
Yibani lusizi, nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube ngukujabha. 10
Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.
11
AmaH. 15:3
Math. 7:1
Rom. 2:1
14:1
1 Kor. 4:5
1 Pet. 2:1
Ningahlebani, bazalwane. Ohleba umzalwane, noma ahlulele umzalwane wakhe, uhleba umthetho, ahlulele umthetho; kepha uma wahlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumahluleli. 12Munye ongummisimthetho nomahluleli; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na?
13
Luk. 12:26
Minani nina enithi: “Namuhla noma ngomuso siyakuya kulona noma kulowaya muzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze,” 14
Isaya 40:6
anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala. 15
Nga nisho nithi: “Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho.” 16
Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu; konke ukuzigabisa okunjalo kubi. 17
Rom. 14:23
Ngakho owaziyo ukwenza okuhle engakwenzi kuyisono kuye.