521
IsAmb. 21:27
Vuka, vuka,
wembathe amandla akho, Siyoni,
uzigqoke izingubo zakho ezinhle,
Jerusalema, muzi ongcwele,
ngokuba akusayikungena kuwe
ongasokile nongcolileyo.
2Zithintithe uthuli,
usukume, uhlale, Jerusalema elithunjiweyo;
zikhulule eziboshweni zentamo yakho
wena ndodakazi yaseSiyoni ethunjiweyo.
3
Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:
“Nathengiswa ngento engelutho;
niyakuhlengwa ngaphandle kwemali.”
4
2 AmaKh. 17:5
18:9,13
Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi:
Abantu bami behlela kuqala eGibithe
ukuba bagogobale khona;
i-Asiriya lamcindezela ngaphandle kwesizathu.
5
Hez. 36:20
Rom. 2:24
“Manje nginantoni lapha,” usho uJehova,
“lapho abantu bami besusiwe ngeze na?
Ababusa phezu kwabo bayaklabalasa,” usho uJehova,
“negama lami liyahlanjalazwa njalo usuku lonke.
6Ngalokho abantu bami bayakulazi igama lami;
ngalokho bayakuqonda ngalolo suku
ukuthi yimi engikhulumileyo;
bhekani, ngilapha.”
7
Nah. 1:15
Rom. 10:15
Zimnandi kangakanani ezintabeni
izinyawo zoletha izindaba ezinhle,
nomemezela ukuthula,
obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa,
oshoyo kulo iSiyoni ukuthi:
“UNkulunkulu wakho uyinkosi.”
8
Izwi labalindi bakho,
bayaliphakamisa izwi,
bajabule kanyekanye,
ngokuba bayakubona iso neso,
lapho uJehova ebuyela eSiyoni.
9
Qhumukani ngokuhlabelela,
nihlabelele kanyekanye,
nina zindawo ezichithekileyo zaseJerusalema,
ngokuba uJehova ubaduduzile abantu bakhe,
ulihlengile iJerusalema.
10
Isaya 53:1
Luk. 3:6
UJehova wambulile ingalo yakhe engcwele
emehlweni ezizwe zonke,
namajukujuku onke omhlaba
ayakubona insindiso kaNkulunkulu wethu.
11
2 Kor. 6:17
IsAmb. 18:4
Mukani, mukani, niphume lapha,
ningathinti okungcolileyo,
niphume phakathi kwalo, nizihlambulule
nina eniphatha izitsha zikaJehova.
12
13:21
Dut. 16:3
Isaya 58:8
Ngokuba aniyikuphuma ngokushesha,
ningahambi ngokubaleka,
ngokuba uJehova uyakuhamba phambi kwenu,
noNkulunkulu ka-Israyeli uyakuba semva kwenu.
13
Fil. 2:9
Bheka, inceku yami iyakuphumelela kahle;
iyakukhuliswa, iphakanyiswe, iphakame kakhulu.
14
Isaya 53:2
Njengalokhu abaningi bamangala ngayo
ubuso bayo babonakele kunobabantu,
nesimo sayo kunesamadodana abantu
15
Rom. 15:21
kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi;
amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo,
ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona,
nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.