271
40:20
Hez. 29:3
32:2
Ngalolo suku uJehova uyakuhambela
ngenkemba yakhe elukhuni enkulu nenamandla
uLeviyathani,* inyoka esheshayo,
uLeviyathani, inyoka ethandelayo,
abulale udrako* oselwandle.
2
Ngalolo suku kuyakuba khona isivini esinxanelekayo.
“Hlabelelani ngaso.
3
Math. 21:33
Joh. 15:1
Mina Jehova ngingumlindi waso,
ngiyakusinisela njalo;
funa soniwe, ngiyakusilinda ubusuku nemini.
4
Ukufutheka akukho kimi;
sengathi kungaba khona amakhakhasi nameva!
Bengiyakuwasukela ngokulwa,
ngiwashise kanyekanye,
5noma abambelele emandleni ami
ukuba enze ukuthula nami,
enzelane ukuthula nami.”
6
Ngezinsuku ezizayo uJakobe uyakugxila,
u-Israyeli akhahlele, aqhakaze,
bagcwalise ubuso bomhlaba ngezithelo.
7Ubashayile njengalokho ebashayile ababashayayo na?
Babulewe njengokubulawa kwababulewe nguye na?
8
30:11
46:28
Ngokubamukisa nangokubaxosha uyabajezisa;
wabasusa ngomoya wakhe olukhuni
ngosuku lomoya wasempumalanga.
9
Isaya 2:20
17:7
30:22
31:7
Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu,
lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe,
lapho enza ukuba onke amatshe e-altare
avithizeke njengamatshe omcako,
kungabe kusamiswa o-Ashera* nama-altare empepho.
10Ngokuba umuzi obiyelweyo uyize,
nekhaya limukelwe,
lishiyiwe njengehlane;
ithole liyakuklaba khona,
libuthise khona,
lidle, liqede amahlamvu awo.
11Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa,
kufike abesifazane,
baphembe umlilo kuwo,
ngokuba bangabantu abangenakuqonda;
ngalokho owabenzayo akayikubahawukela,
nowababumbayo akayikuba namusa kubo.
12Kuyakuthi ngalolo suku uJehova avuthuze ezikhwetshini zasemfuleni kuze kube semfuleni waseGibithe, nibuthwe abanye ngabanye nina bantwana bakwa-Israyeli. 13
Kuyakuthi ngalolo suku libethwe icilongo elikhulu, kufike ababelahlekile ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.