171
Am. 1:3
Isiprofetho ngeDamaseku.
“IDamaseku liyakususwa,
lingabe lisaba ngumuzi,
libe yinxiwa nencithakalo
2eshiyiwe kuze kube phakade,
neyakuba ngeyemihlambi ebuthisa khona,
ingesatshiswa muntu.
3
Inqaba iyakuphela kwa-Efrayimi,
nombuso eDamaseku,
nensali e-Aramu,
kube njengodumo lwabantwana bakwa-Israyeli,”
usho uJehova Sebawoti.
4“Kuyakuthi ngalolo suku
udumo luka Jakobe lube buthakathaka,
kuzace ukukhuluphala kwenyama yakhe.
5
Kuyakuba njengomvuni ovuna amabele asemi
nengalo yakhe evuna izikhwebu,
kube njengokukha izikhwebu esiGodini samaRefa.
6Kepha umkhothozo uyakusala khona njengokushaywa kweminqumo:
izithelo ezimbili noma ezintathu enhlokweni phezulu,
ezine noma eziyisihlanu emagatsheni omuthi,”
usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
7Ngalolo suku abantu bayakumbheka uMenzi wabo,
namehlo abo ayakumbuka oNgcwele ka-Israyeli.
8Abayikubheka ama-altare abo,
umsebenzi wezandla zabo,
bangabuki okwenziwe yiminwe yabo,
o-Ashera* nama-altare empepho.
9Ngalolo suku imizi yabo enamandla iyakuba njengezindawo ezishiyiweyo zasehlathini nezaseziqongweni zezintaba abazishiya phambi kwabantwana bakwa-Israyeli zibe yincithakalo.
10Ngokuba ukhohliwe uNkulunkulu wokusindiswa kwakho,
awukhumbulanga idwala lamandla akho;
ngalokho noma utshala izithombo ezimnandi,
uhlwanyele amahlumela angaziwayo,
11ngosuku lokutshala kwakho,
lapho ubiyela,
nangokusa kokuhlwanyela kwakho,
lapho wenza ukuba kuqhakaze,
ukuvuna kuyakubaleka ngosuku losizi
nolobuhlungu obungenakupholiswa.
12
Isaya 36:1
Wo kukho ukuhlokoma kwezizwe eziningi
ezihlokoma njengokuhlokoma kwezilwandle,
nomsindo wokuxokozela kwabezizwe
abaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi.
13
93:3
Izizwe ziyaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi,
kodwa uyakuzisola, zibalekele kude,
zixoshwe njengamakhoba asezintabeni phambi komoya,
nothuli olushwilayo phambi kwesiphepho.
14
Isaya 14:25
37:36
Ngesikhathi sokuhlwa, bheka, yingebhe;
kungakasi azisekho.
Yilesi esiyisabelo sabasiphangayo,
nenkatho yabasamukayo.