31O nina maGalathiya angaqondiyo! Ngubani oniloyileyo nina enalotshelwa phambi kwamehlo enu umfanekiso kaJesu Kristu ebethelwe esiphambanweni na? 2
8:15
15:5
Rom. 10:17
Ef. 1:13
Yilokhu kuphela engithanda ukukwazi kinina ukuthi: Namukeliswa uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na? 3Niwulekile kangaka na? Niqalile kuMoya seniyakugcina enyameni na? 4
Nahlupheka kangaka ngeze na? uma kambe kungeze. 5Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?
6
Jak. 2:23
Njengalokho u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi ngukulunga. 7
Yazini-ke ukuthi abokukholwa yibona abangamadodana ka-Abrahama. 8
Kepha umbhalo, ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walishumayela ngaphambili ivangeli ku-Abrahama, wathi: “Izizwe zonke ziyakubusiswa kuwe.” 9Njalo-ke abokukholwa bayabusiswa kanye no-Abrahama okholwayo.
10
Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangemi njalo kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho ukuba bakwenze.” 11
Rom. 1:17
Gal. 2:16
Heb. 10:38
Kepha ukuthi ngomthetho akukho muntu olungisiswayo phambi kukaNkulunkulu kusobala, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa; 12
Hez. 20:11
Rom. 10:5
ngokuba umthetho awusiwo owokukholwa, kodwa owenza lokho uyakuphila ngakho. 13
Rom. 8:3
2 Kor. 5:21
UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,” 14
44:3
Hez. 36:27
ukuba isibusiso sika-Abrahama ngoKristu Jesu sifike kubo abezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa.
15
Bazalwane, ngikhulumisa okwabantu: nokuba kuyintando yokugcina yomuntu eyaqiniswayo, akakho oyichithayo noma enezele kuyo. 16
13:14
17:7
22:18
24:7
Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abrahama nenzalo yakhe; akasho ukuthi: “Ezinzalweni,” kungathi ngeziningi, kepha kungathi ngeyodwa ukuthi: Nasenzalweni yakho enguKristu. 17
Eks. 12:40
IzE. 7:6
Kepha ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa nguNkulunkulu ngaphambili, umthetho owavela emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awusesuli, uze usichithe isithembiso; 18
11:6
ngokuba uma ifa likhona ngomthetho, alikho ngesithembiso; kepha uNkulunkulu umnikile lona u-Abrahama ngesithembiso.
19
IzE. 7:38,53
Rom. 4:15
5:20
Heb. 2:2
Pho, umthetho uyini na? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo enikiwe isithembiso, umisiwe ngezingelosi, ngesandla somlamuleli. 20
1 Kor. 8:4
1 Thim. 2:5
Kepha umlamuleli kasiye owamunye; kepha uNkulunkulu munye.
21Pho-ke, umthetho uphambene nezithembiso zikaNkulunkulu na? Qha nakanye. Ngokuba uma wawunikiwe umthetho onamandla okuphilisa, ngempela ukulungisiswa ngakuya ngomthetho. 22
11:32
Kepha umbhalo uvalele konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo.
23
Kepha kungakafiki ukukholwa, sasigcinwa phansi komthetho, sivalelwe kuze kufike ukukholwa obekuzakwambulwa. 24
Rom. 10:4
Njalo-ke umthetho sewaba ngumlayi wethu wokusiyisa kuKristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa. 25Kepha-ke sekufikile ukukholwa, asisephansi komlayi.
26
Joh. 1:12
Rom. 8:15
Gal. 4:5
Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu. 27
13:14
Ngokuba nonke enabhapathizelwa kuKristu nembatha uKristu. 28
Rom. 10:12
1 Kor. 12:13
Ef. 2:14
Kol. 3:11
Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu. 29
Rom. 9:7
Kepha uma ningabakaKristu, seniyinzalo ka-Abrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.