IsiZulu 1959/1997 (NO) (ZUL59NO)
10

Amandla kaMoridekayi

101Inkosi u-Ahashiveroshi yathelisa izwe neziqhingi zolwandle. 2Zonke izenzo zegunya lakhe namandla akhe, nayo yonke indaba yobukhulu bukaMoridekayi inkosi eyayimkhulisela kubo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi aseMediya nasePheresiya na? 3

10:3
Gen. 41:40
Ngokuba uMoridekayi, umJuda, wayelama inkosi u-Ahashiveroshi ngobukhulu, emkhulu phakathi kwabaJuda, ethokozelwa ngabafowabo abaningi, efuna okuhle kwesizwe sakubo, ekhuluma ukuthula kuyo yonke inzalo yabo.