61
Kwathi ngaleyo mihla abafundi sebanda, kwavela ukukhonona kubaJuda abakhuluma isiGreki ngamaHeberu ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabelweni kwemihla ngemihla. 2Abayishumi nambili base bebiza ibandla labafundi, bathi: “Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni. 3
Funani-ke phakathi kwenu bazalwane amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esingawamisela lowo msebenzi. 4Kepha thina sizakuqinisela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.”
5
21:8
Leli zwi laba lihle kulo lonke ibandla; base bekhetha uStefanu, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, noFiliphu, noProkhoro, noNikanori, noThimoni, noPharmena, noNikolawu, iproselite* lase-Antiyokiya, 6
1 Thim. 4:14
babamisa phambi kwabaphostoli; bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo.
7
Izwi likaNkulunkulu landa, umumo wabafundi wakhula eJerusalema, nesixuku esikhulu sabapristi salalela inkolo.
8
Kepha uStefanu egcwele umusa namandla wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu. 9Kwase kusuka abanye besinagoge* elithiwa elabaLibertino, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu; 10
Luk. 21:15
kepha babengenamandla okumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho.
11
Khona bathenga amadoda athi: “Simzwile ekhuluma amazwi enhlamba ngoMose nangoNkulunkulu,” 12bavusa abantu namalunga nababhali, bamvukela, bambamba, bamyisa emphakathini; 13
bamisa ofakazi bamanga abathi: “Lo muntu akayeki ukukhuluma amazwi ngale ndawo engcwele nangomthetho; 14ngokuba simzwile ethi uJesu lo waseNazaretha uzakuchitha le ndawo, aguqule imithetho asinika yona uMose.”
15Kwathi bemgqolozela bonke ababehlezi emphakathini, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.