51Kepha ngezikhathi nangemizuzu, bazalwane, anisweli ukulotshelwa, 2
Mark. 13:32
Luk. 12:39
21:34
2 Pet. 3:10
IsAmb. 3:3
16:15
ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku. 3
Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.
4
Kepha nina bazalwane anikho ebumnyameni, ukuze lolo suku lunifice njengesela, 5
ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, ningabantwana bemini. Asisibo abobusuku noma abobumnyama; 6
1 Kor. 15:34
Ef. 5:14
1 Pet. 5:8
ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde. 7Ngokuba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku; 8
Ef. 6:14,17
kepha thina esingabemini masiqonde, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa; 9
1 Thes. 1:10
2 Thes. 2:14
ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka kepha ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Kristu 10
2 Kor. 5:15
owasifelayo ukuba, noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye. 11
Juda 20
Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.
12
Gal. 6:6
Fil. 2:29
1 Thim. 5:17
Kepha siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, nabanilulekayo, 13nibazisise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Hlalisanani ngokuthula. 14
Gal. 6:1
2 Thes. 3:15
Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba niluleke abangahambi ngomthetho, nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke. 15
IzA. 17:13
20:22
24:29
Math. 5:39
Rom. 12:17
Gal. 6:10
Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.
16
Rom. 12:12
Fil. 4:4
Thokozani njalo; 17
Ef. 6:18
Kol. 4:2
khulekani ningaphezi; 18
kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani. 19
Ningamcimi uMoya; 20
Ef. 4:11
ningakudeleli ukuprofetha; 21
Fil. 1:10
1 Joh. 4:1
vivinyani konke, nibambisise okuhle; 22dedani kukho konke okubonakala kukubi.
23
Fil. 4:9
1 Thes. 3:13
2 Thes. 3:16
Kepha uNkulunkulu wokuthula, yena uqobo, makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu. 24
Fil. 1:6
2 Thes. 3:3
Uthembekile yena onibizayo, oyakukwenza futhi.
25
2 Thes. 3:1
Bazalwane, sikhulekeleni. 26
Khonzani kubazalwane bonke ngokwanga okungcwele. 27
Ngiyanifungisa iNkosi ukuba le ncwadi ifundwe kubo bonke abazalwane.
28
Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani.