11
16:1
17:14
2 Thes. 1:1
OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu uBaba, naseNkosini uJesu Kristu: Makube kini umusa nokuthula.
2
Kol. 1:3
2 Thes. 1:3
Sibonga uNkulunkulu njalo ngani nonke, siniphatha emikhulekweni yethu, 3
Heb. 6:10
sikhumbula ngokungayeki isenzo senu sokukholwa, nomsebenzi wothando, nokukhuthazela kwethemba lenu eliseNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu, 4
2 Thes. 2:13
sikwazi, bazalwane abathandiwe nguNkulunkulu, ukukhethwa kwenu 5
4:20
1 Thes. 2:13
ukuthi ivangeli lethu alizanga kini ngezwi kuphela kodwa nangamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu, njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu ngenxa yenu. 6
13:52
1 Kor. 4:16
Fil. 3:17
2 Thes. 3:7
Heb. 10:34
Nani naba ngabalingisi bethu, nabeNkosi senilamukele izwi ekukhathazekeni okukhulu ngokuthokoza kukaMoya oNgcwele, 7
naze naba yisibonelo kubo bonke abakholwayo eMakedoniya nase-Akhaya. 8
Ngokuba udumo lwezwi leNkosi lwaphuma kinina, lwafika, angisho eMakedoniya nase-Akhaya kuphela, kepha ezindaweni zonke lapho ukukholwa kwenu nguNkulunkulu kuphumele khona; ngakho asisadingi ukukhuluma lutho. 9
IzE. 26:18
1 Kor. 12:2
Ngokuba bona uqobo balanda ngathi ukuthi kwaba njani ukungena kwethu kinina nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, nishiya izithombe, ukuba nikhonze uNkulunkulu ophilayo oweqiniso, 10
Rom. 2:5
5:9
Fil. 3:20
1 Thes. 5:9
nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osihlangulisa olakeni oluzayo.